I-ITAC igcina intela yempahla ekhona emikhiqizweni egoqwe nge-aluminiyamu ikuma-15%

13 Jun 2025

Mhla zi-24 Febhuwari 2023 i-ITAC yaqala ukubuyekeza intela yempahla esebenza emikhiqizweni egoqwe nge-aluminiyamu (amapuleti e-aluminiyamu, amakhoyili, amashidi, okungamakani, imicu kanye nefoyili). Imikhiqizo isetshenziswa ezimbonini zezimoto, zasolwandle, ezokwakha, ezobunjiniyela obujwayelekile, kwi-elekhthronikhi, ezamandla (amandla elanga), ezimbonini zezimpahla zezinto ezisetshenziswa endlini kanye nezipakishwayo.

Ukubuyekezwa kohlaka lomsebenzi kwenziwa lapho iKhomishana ifuna ukuhlola insebenzo yemboni kulandela ukwesekwa kwentela kanye nokuqinisekisa ukuthi uhlaka olukhona lwemisebenzi alunayo imiphumela ebingahlosiwe embonini yasekhaya.

IKhomishana ithole ukuthi kube nokuqhubeka kwezinselelo ebezibhekene nemboni yezokukhiqiza yakuleli, okubandakanya nezindleko eziphezulu zokukhiqiza uma kuqhathaniswa nezinye; ukuqhubeka kokungeniswa kwezimpahla zakwamanye amazwe ezinentengo ephansi; kanye nesimo sokuhweba samazwe omhlaba nesasekhaya esiguquguqukayo. IKhomishana iphinde yacubungula imiphumela imisebenzi eyayinayo embonini yokukhiqiza esemaphethelweni, ephoqeleke ukuthi idlulisele izindleko ezikhushuliwe kubathengi akungabokugcina.

IKhomishana iphethe ngokuthi imisebenzi ekhona kakade yenzelwe ukuvikela ukukhiqizwa kwasekhaya namathuba emisebenzi futhi yancoma ukuthi imisebenzi igcinwe isezingeni lamanje lama-15% ngokwenani lokuthile (ad velorem). Kodwa-ke, iKhomishana iphinde yancoma ukuthi kubuyekezwe uhlaka lwembuyiselo emikhiqizweni egoqwe nge-aluminiyamu ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kahle ekuphathweni kokuhlinzeka kanye nokuthi uhlaka lomsebenzi olusebenza emikhiqizweni esemaphethweni ye-aluminiyamu nayo ibuyekezwe ngenhloso yokunikeza ukwesekwa okwengeziwe ezimbonini ezisekugcineni ebezingasenamandla okuncintisana emikhiqizweni efanayo evela kwamanye amazwe.

Sicela ubheke i-Report 725 ukuze uthole imininingwane ephelele.

LESI SITATIMENDE SIKHISHWE YI-INTERNATIONAL TRADE ADMINISTRATION COMMISSION OF SOUTH AFRICA

ITAC News & Updates

The latest ITAC news, articles, and resources, sent straight to your inbox.

Speak out against Bribery, Dishonesty & Fraud

Abuse of power in Public Entities must stop! Report any instances of corruption.

IMPORTANT NOTICE RE: IMPORT & EXPORT PERMITS APPLICATIONS

Dear applicants, ITAC acknowledges the recent complaints with regards to turnaround times in the issuance of permits.

ITAC has been receiving an unusually high volume of import and export permit applications for personal used goods such as cell phones and laptops.

Please note that due to this spike, responses to emails and the turnaround times to generate import and export permits would be negatively impacted.

We apologise for the inconvenience caused in this regard and are doing our best to assist all applicants.